Umtshitshi wasemathafeni.

Leucosidea sericea
Amagama ajwayelekile: Ouhout, Zulu: Umtshitshi, Sotho: Cheche

image

Ngaphambi kobuba kuzinze Laba abaphuma eYorophu emathafeni ase midlands, yayimibalwa kakhulu imithi ngaphandle kwaleyo ehlangene ndawonye ezindaweni ezimanzi kanye nalezo ezisemadwaleni. Omunye wemithi eyavela eMidlands kwaba iLecosidea Sericia umtshitshi. Ingomunye wemithi ekwazi ukumila kuqala ivule indlela yokuthi neminye imithi ilandele futhi itholakala ezindaweni ezihlukahlukene.

image

Lemithi iyatholakala emathafeni akhona la Mpophomeni, lapho Uyithola ikhula neminye imithi njengo Mlahlankosi. Uyithola iyihlahlana esifushanyana esiyisixhanti futhi ayijwayele ukukhula idlule amamitha ayisithupha. Inamaqabunga aluhlaza okusampunga anuka kamnandi, izimbali zayo ezikhangayo, ezincanyana eziphuzi okusaluhlazana zikhula kwimikhawulo yamagatsha. Amagxolo aso awekho bushelelezi ngathi amaflakes.

image

Lomuthi awulithandi ihlobo elishisayo kodwa uyakwazi ukumelana nongqoqwane, nesithwathwa ingakho ungawuthala ukusungula insimui entsha ebandayo ngoba siyashesha ukukhula. Izinyoni zijwayele ukwakha izidleke emagatsheni kanti amaqabunga awo adliwa imbabala bushbuck.

image

Lomuthi muhle kakhulu ukubasa umlilo ngoba awushi ngokushesha, abanye bawusebenzisela ukubaza kanye nokwakha izinqola ezithutha utshani noma ezokuvuna. Ezindaweni eziyizintaba ukuba khona kwalomuthi kade phambilini kukhombisa ukuthi imifula yangakhona ingafakwa izinhlanzi ezibizwa nge trout.

image

2 thoughts on “Umtshitshi wasemathafeni.

Leave a comment