ukubaluleka kwamaxhaphozi

Yesterday was World Wetlands Day.  Nkanyiso Ndlela is passionate about wetlands. He is the environmental education officer for the KZN Crane Foundation in Nottingham Road and has spent a lot of time in Mpophomeni. In an effort to inspire others to care for this precious resource, he wrote this article.

r Nkanyiso - teachers wetland workshop

Noma-ke amaxhaphozi edlala indima enkulu ezimpilweni zabantu, njengokuhlanza amanzi, ukusiza ekuvikeleni ukuguguleka kwenhlabathi, ukugcina amanzi, futhi aphinde abe ikhaya lezitshalo kanye nezilwane ezinhlobonhlobo ezithembele kuwo amaxhaphozi ukuphila, njenge nyoni ethathwa njenge nyoni yesizwe sase Ningizimu Africa, Indwa (blue crane) umdwebo wayo obonakala emalini yalapha eNingizimu Africa uzukwa (5cent), Izimpaphe zayo ezise sisileni ebezifakwa inkosi uShaka ekhanda njengophawu lokukhombisa ubukhosi. kodwa ukungawanakekeli nokuwasebenzisa ngendlela engafanelekile kusaqhubeka.

Blue Crane by Pat Cahill
Blue Crane by Pat Cahill

Amaxhaphozi angumthamo wempilo yokulawulwa kolwazi. Abesetshenziswa izigidi zeminyaka edlule, kudla kuwo imfuyo, njenge ndawo ekutholakala kuyo izitshalo ezinjengo uMhlanga (Phragmites australis), iNcema (Juncus kraussii), iMisi (Cyperus textillis), iKhwane (Cyperus latifolius), njalo njalo ukufulela izindlu, ukuluka kanye nokuthunga amacansi, obhasikidi.

r wetland - Nikki Brighton

Aphinde abe indayo lapho kunga dotshwa khona kanye nendawo yokwenza ucwaningo lwemfundo. Ngaphandle kwamanzi impilo ngabe ayikho emhlabeni. Izitshalo, izilwane kanye nabantu badinga amanzi ukuze baphile futhi nokukhula. Iningizimu Africa ayisenawo amanzi ahlanzekile amaningi kanti amanzi amaningi asemihosheni kanye nasemifuleni angcolile.

r satyrium in wetland impendle 403

Imiphakathi iyanxuswa ukuba ibambisane nezinkampani ezilungisa ziphinde zinakekele amaxhaphozi ngokuwasebenzisa ngendlela efanele okanye ngendlela enenqubekela phambili. Izindlela-ke abantu abalimaza okanye abaphazamisa ngazo ukusebenza kwamaxhaphozi njenge ndawo eyimvelo ziningi kakhulu, njengokulahlwa kwa doti kuwo, ukutshala kuwo ngaphandle kokulandela imigomo nemi bandela, ukwakhiwa kwemigwaqo nama damu ngendlela engafanele, ukudlisa imfuyo nokushisa imililo ngendlela engafanele, ukwakhiwa kwenxanxathela yezitolo ezindaweni eziseduze kwamaxhaphozi ngaphandle kokulandela imigomo nemibandela, ukusetshenziswa kwezitshalo zasemaxhaphozini ngendlela edlulele okanye eyeqile.

Cattle and Blue Cranes by Sandra Merrick

Ucwaningo olusanda kuvezwa ngamaxhaphozi, adlala indima enkulu ekunciphiseni umoya ongcolile emhlabeni okanye emkhathini eyaziwa nge(carbon dioxide- CO2) kanye ne (methane-CH4) Ebangwa izimboni ezikhiqiza ugesi, ukusikwa kwezihlahla, ukushisa udoti, njalo njalo. Lokungcoliswa komhlaba okubangela ukufudumala komhlaba ngokungafanelekile okugcina kubangele ukushintshashitsha kwesimo sezulu ngokuthusayo nokunga jwayelekile okunomthelela omkhulu omubi ezimpilweni zabantu kanye nasezitshalweni. Amaxhaphozi-ke kuyavezwa ukuthi ayasiza kakhulu ekuvimbeni lemimoya engcolile iwugcine ngaphansi kuwo ngokwenvelo, uma engahlukumezekile okanye uma engaphazamisekile ukusebenza kwawo ngokwemvelo.

Ukuthola imininigwane enzulu ungaxhumana nalezi nkampani ezilandelayo:

2 thoughts on “ukubaluleka kwamaxhaphozi

Leave a comment